1. Kuyakujabula ihlane nogwadule,kuthokoze uqwathule,lukhahlele njengentebe.
2. Luyakukhahlela kahle, luthokoze,yebo, luthokoze, luhube;luyakuphiwa udumo lweLebanoni,nobukhosi beKarmeli nobeSharoni,lubone inkazimulo kaJehova,nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3. Qinisani izandla ezibuthakathaka,nimise amadolo axegayo.
4. Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:“Qinani, ningesabi;bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela,impindiselo ivela kuNkulunkulu;nguye oza ukunisindisa.”
5. Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa,zivuleke nezindlebe zezithulu.
6. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele,nolimi lwesimungulu luyakuhuba,ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi,nemifudlana kwahlongasibi.
7. Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi,isigagadu sibe yimithombo yamanzi;ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khonakuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.
8. Kuyakuba khona umendonendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;ongcolileyo akayikuhamba ngayo,kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;abahamba ngayo, noma beyiziwula,abayikuduka kuyo.
9. Akuyikuba khona lapho ingonyama,nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona;lokho akuyikufunyanwa khona,kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10. Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuyabaye eSiyoni ngokwethaba,intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo;bayakuthola ukujabula nokuthokoza,kubaleke usizi nokububula.