1. Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphikoeliphesheya komfula waseKushe,
2. elithuma izigijimi ngolwandlenangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi.Hambani nina zithunywa ezinejubane,niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo,kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,esilizwe laso lidatshulwe yimifula.
3. Nonke nina enakhileyo ezweninani nonke enihlezi emhlabenibhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni;zwanini, lapho icilongo libethwa.
4. Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi:“Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami,njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga,njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”
5. Ngokuba kungakafiki ukuvuna,nokukhahlela sekuphelile,nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo,uyakunquma amahlumela ngawocelemba,awasike amagatsha, awasuse.
6. Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeninawezilwane zasemhlabeni;amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo,nazo zonke izilwane zomhlabaziyakuhlala ebusika phezu kwawo.
7. Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawotiyibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo,sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,esilizwe laso lidatshulwe yimifula,endaweni yegama likaJehova Sebawoti,intaba yaseSiyoni.