Ugenesise 4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

OKayini no-Abela

1. U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.”

2. Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi.

3. Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.

4. Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.

5. Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.

6. UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na?

7. Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”

8. UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.

9. Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?”Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?”

10. Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.

11. Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho.

12. Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”

13. Khona wathi uKayini kuJehova: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale.

14. Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”

15. Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale.

16. Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.

Inzalo kaKayini

17. UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.

18. U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.

19. ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.

20. U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo.

21. Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo.

22. USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama.

23. ULameka wathi kubo abafazi bakhe:“Ada noSila, yizwani izwi lami;nina bafazi bakaLameka,lalelani ukusho kwami:Bhekani, ngibulala umuntungenxeba engilitholayo,nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.

24. Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa,kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa,aphindwe kasikhombisa.”

25. U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.”

26. Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.