Ugenesise 20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

U-Abrahama nomkakhe beseGerari

1. U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.

2. U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.

3. Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”

4. Kepha u-Abimeleki wayengakasondeli kuye; wathi: “Nkosi, uyakubhubhisa nesizwe esilungileyo na?

5. Akashongo kimi ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na? Naye uqobo wathi: ‘Ungumnewethu.’ Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.”

6. Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.

7. Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”

8. U-Abimeleki wavuka ekuseni, wabiza izinceku zakhe zonke, wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.

9. U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”

10. U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Wabonani ukuba wenze lokhu na?”

11. U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.

12. Futhi impela ungudadewethu, indodakazi kababa, kepha akasiyo indodakazi kamame, waba ngumkami.

13. Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endlini kababa, ngathi kuye: ‘Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: “Ungumnewethu.” ’ ”

14. U-Abimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.

15. Wathi u-Abimeleki: “Bheka, izwe lami lisebusweni bakho; yakha lapho uthanda khona.”

16. Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli* ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisiwe.”

17. U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.

18. Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.