Ugenesise 26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

U-Isaka eseGerari naseBeri Sheba

1. Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.

2. UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona,

3. ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.

4. Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,

5. ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.”

6. U-Isaka wahlala-ke eGarari.

7. Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.”

8. Kwathi esehlale khona isikhathi eside, u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni, wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.

9. U-Abimeleki wambiza u-Isaka, wathi: “Bheka, impela yena ungumkakho; usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na?”U-Isaka wathi: “Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.”

10. U-Abimeleki wayesethi: “Kuyini okwenzile kithina na? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.”

11. U-Abimeleki wayala bonke abantu, wathi: “Othinta lo muntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa.”

Amandla ka-Isaka nokuphikisana ngemithombo

12. U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.

13. Lowo muntu waba mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu.

14. Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.

15. Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika-Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.

16. U-Abimeleki wathi ku-Isaka: “Suka kithina, ngokuba unamandla kakhulu kunathi.”

17. U-Isaka wayesesuka khona, wakha esigodini saseGerari, wahlala lapho.

18. U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise, ngokuba amaFilisti ayeyivalile emva kokufa kuka-Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.

19. Izinceku zika-Isaka zemba esigodini, zafumana umthombo wamanzi aphethuzayo.

20. Abelusi baseGerari baphikisana nabelusi baka-Isaka, bathi: “Amanzi angawethu.” Wabiza igama lomthombo ngokuthi i-Eseke,* ngokuba baphikisana naye.

21. Bemba omunye umthombo, baphikisana nangawo. Waqamba igama lawo ngokuthi iSitina.*

22. Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti,* wathi: “Ngokuba uJehova usenzele indawo; siyakwanda ezweni.”

Isithembiso sika-Abrahama siyaphindwa ku-Isaka

23. Wasuka lapho, wakhuphuka waya eBeri Sheba.

24. UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”

25. Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.

Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki

26. U-Abimeleki wayeseya kuye evela eGerari, eno-Ahuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe.

27. U-Isaka wathi kubo: “Nizeleni kimi, lokhu niyangizonda, ningixoshile kini, na?”

28. Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe

29. sokuthi awuyikusenzela okubi, njengokuba singakuthintanga, sikwenzele okuhle kodwa, sakumukisa ngokuthula; wena usubusiswe nguJehova.”

30. Wabenzela idili, badla, baphuza.

31. Bavuka ekuseni, bafungisana omunye nomunye; u-Isaka wayesebamukisa, basuka kuye ngokuthula.

32. Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika-Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sitholile amanzi.”

33. Wayesewubiza ngokuthi iSheba; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri Sheba kuze kube namuhla.

Amakhosikazi ka-Esawu

34. Kwathi u-Esawu eseneminyaka engamashumi amane, wathatha umfazi uJuditi indodakazi kaBeri umHeti noBasemati indodakazi ka-Eloni umHeti.

35. Baba lusizi enhliziyweni ka-Isaka noRebeka.