1. UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.
2. Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,
3. wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.
4. Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi.
5. Ngizakulanda ucezu lwesikwa, nithokozise izinhliziyo zenu, andukuba nidlule, njengokuba senifikile encekwini yenu.”Athi: “Yenza njengokusho kwakho.”
6. U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara, wathi: “Sheshisa, uthathe amaseya* amathathu empuphu ecolekileyo, uyixove, wenze amaqebelengwane.”
7. U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa.
8. Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.
9. Athi kuye: “Uphi uSara umkakho na?”Wathi: “Nangu etendeni.”
10. Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.
11. Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.
12. USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?”
13. UJehova wathi ku-Abrahama: “Uhlekeleni uSara, ethi: ‘Imbala ngizakuzala ngimdala na?’
14. Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”
15. USara waphika wathi: “Angihlekanga,” ngokuba wesaba.Kepha wathi: “Qha, uhlekile.”
16. Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.
17. UJehova wathi: “Ngingamfihlela u-Abrahama lokho engizakukwenza na?
18. U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.
19. Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”
20. UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.
21. Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.”
22. Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
23. U-Abrahama wasondela, wathi: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?
24. Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?
25. Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”
26. UJehova wathi: “Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.”
27. Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.
28. Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kubo abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na?”Wathi: “Angiyikuwubhubhisa, uma ngifumana khona abangamashumi amane nanhlanu.”
29. Kepha wabuye wakhuluma kuye, wathi: “Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amane.”Wathi: “Angiyikukwenza ngenxa yabangamashumi amane.”
30. Wayesethi: “Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma. Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amathathu.”Wathi: “Angiyikukwenza, uma ngifumana abangamashumi amathathu lapho.”
31. Kepha wathi: “Bheka, ngiqalile ukukhuluma neNkosi. Mhlawumbe kungatholakala abangamashumi amabili khona.”Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabangamashumi amabili.”
32. Wayesethi: “Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma kanye nje. Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona.”Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yalabo abayishumi.”
33. UJehova wasuka, nxa eseqedile ukukhuluma no-Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.