Ugenesise 15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Isivumelwano sikaJehova no-Abrama

1. Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”

2. Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.”

3. U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”

4. Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.”

5. Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”

6. Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.

7. Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”

8. Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”

9. Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”

10. Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga.

11. Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha.

12. Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.

13. Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.

14. Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.

15. Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala.

16. Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”

17. Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye.

18. Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:

19. amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni,

20. namaHeti, namaPherizi, namaRefa,

21. nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.”