Ugenesise 35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UJakobe eseBethele

1. UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”

2. Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,

3. sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”

4. Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.

5. Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

6. UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye.

7. Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.

8. UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*

Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli

9. UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.

10. UNkulunkulu wathi kuye:“Igama lakho linguJakobe,igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.

11. UNkulunkulu wathi kuye:“NginguNkulunkulu uSomandla;mawuzale, wande;isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

12. izwe engabapha lona o-Abrahamano-Isaka,ngiyakulinika wena;nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”

13. UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.

14. UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.

15. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

16. Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.

17. Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”

18. Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.

19. Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.

20. UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

21. U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere.

22. Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka

23. Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.

24. Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.

25. Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.

26. Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

27. UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.

28. Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

29. U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.