1. Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”
3. OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
4. “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”
5. URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
6. kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
7. Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8. Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.
9. Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
10. umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.
11. Kepha amadodana kaKora awafanga.
12. Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
13. kwaZera: ngumndeni wakwaZera;kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
14. Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
15. Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
16. kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
17. kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
18. Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
19. Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.
20. Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:kwaShela: ngumndeni wakwaShela;kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
21. Amadodana kaPheresi:kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
22. Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
23. Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:kwaThola: ngumndeni wakwaThola;kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
24. kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
25. Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
26. Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
27. Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
28. Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.
29. Amadodana kaManase:kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
30. Lawa angamadodana kaGileyadi:kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
31. kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
32. kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
33. USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
34. Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
35. Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
36. Lawa angamadodana kaShuthela:kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.
37. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
38. Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:kwaBela: ngumndeni wakwaBela;kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
39. kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
40. Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
41. Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
42. Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.
43. Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
44. Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
45. Kumadodana kaBeriya:kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
46. Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
47. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
48. Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
49. kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
50. Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
51. Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
52. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
53. “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.
54. Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
55. Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.
56. Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”
57. Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
58. Nansi imindeni yamaLevi:ngumndeni wakwaLibini,nomndeni wakwaHebroni,nomndeni wakwaMaheli,nomndeni wakwaMushi,nomndeni wakwaKora.UKohati wazala u-Amramu.
59. Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.
60. U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
61. ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
62. Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
63. Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
64. Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
65. Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.