Unumeri 26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli

1. Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3. OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

4. “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5. URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;

6. kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7. Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8. Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.

9. Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;

10. umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

11. Kepha amadodana kaKora awafanga.

12. Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;

13. kwaZera: ngumndeni wakwaZera;kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14. Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15. Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;

16. kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;

17. kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18. Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19. Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.

20. Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:kwaShela: ngumndeni wakwaShela;kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;kwaZera: ngumndeni wakwaZera.

21. Amadodana kaPheresi:kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22. Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23. Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:kwaThola: ngumndeni wakwaThola;kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;

24. kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25. Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26. Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27. Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28. Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29. Amadodana kaManase:kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.

30. Lawa angamadodana kaGileyadi:kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

31. kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;

32. kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.

33. USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34. Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35. Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.

36. Lawa angamadodana kaShuthela:kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38. Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:kwaBela: ngumndeni wakwaBela;kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;

39. kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.

40. Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41. Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42. Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.

43. Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44. Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

45. Kumadodana kaBeriya:kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.

46. Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48. Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49. kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50. Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51. Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

53. “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54. Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55. Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56. Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57. Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58. Nansi imindeni yamaLevi:ngumndeni wakwaLibini,nomndeni wakwaHebroni,nomndeni wakwaMaheli,nomndeni wakwaMushi,nomndeni wakwaKora.UKohati wazala u-Amramu.

59. Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60. U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61. ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62. Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63. Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64. Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65. Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.