1. UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo.
2. U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.”
3. UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.*
4. Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.
5. Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”
6. UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa.
7. Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.
8. UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
9. UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
10. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti.
11. Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga.
12. Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi.
13. Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori.
14. Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova:“IVahebi laseSufa,nezigodi zase-Arinoni,
15. nomthambeka wezigodiothambeka ngasezweni le-Ari,oncike emkhawulweni wakwaMowabi.”
16. Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”
17. U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi:“Mpompoza, mthombo,nihlabelele kuwo,
18. umthombo ezawumba izikhulu,abawugubha abakhulu babantungentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.”Basuka ehlane, baya eMathana.
19. Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti;
20. basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
21. U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:
22. “Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.”
23. USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.
24. U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.
25. U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.
26. Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.
27. Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi:“Wozani eHeshiboni; makwakhiwe,umuzi kaSihoni umiswe;
28. ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni;ilangabi livelile emzini kaSihoni;liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.
29. Maye kuwena Mowabi!Niphelile, nina bantu bakaKemoshi;unikele amadodana akhe abe ngababaleki,namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.
30. “Sibacibishele;iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni;sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”
31. Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.
32. UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.
33. Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.
34. UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”
35. Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.