Unumeri 17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Intonga ka-Aroni iyahluma

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.

3. Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.

4. Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.

5. Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”

6. UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.

7. UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.

8. Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi* avuthiweyo.

9. UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.

10. UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”

11. UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.

12. Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.

13. Bonke abasondelayo abasondela etabernakele* likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”