Unumeri 24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UBileyamu uyaphinda ukubusisa u-Israyeli; ubuyela ekhaya

1. UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

2. UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.

3. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,

4. ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,obonile umbono kaSomandla uthi,ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:

5. “Mahle kangaka amatende akho,Jakobe,namatabernakele* akho, Israyeli.

6. Elulekile njengezigodi,njengamasimu ngasemfuleni,njengemihlaba ayitshalile uJehova,njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.

7. Amanzi ayakugobhoza,aphume ezimbizeni zakhe,imbewu yakhe ibe semanzini amaningi,inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi,umbuso wakhe uphakame.

8. “UNkulunkulu wamkhipha eGibithe;unjengezimpondo zenyathi kubo;uyakuqeda izizwe, izitha zakhe,aphule amathambo azo,azigwaze ngemicibisholo yakhe.

9. Wabuthalala,walala phansi njengengonyama,nanjengengonyamakazi,ngubani oyakumvusa na?“Mababusiswe bonke abakubusisayo,baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”

10. Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.

11. Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”

12. UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:

13. ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?

14. Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

15. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

16. ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,owazi ukwazi koPhezukonke,obonile umbono kaSomandla,ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

17. “Ngiyambona, kepha kungemanje;ngiyambheka, kodwa kungeseduze;kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,ishaye uMowabi emaceleni,ichithe onke amadodana kaSheti.

18. U-Edomi uyakuba yifa;uSeyiri uyakuba yifa naye,owayengowezitha zakhe,u-Israyeli esenza okubuqhawe.

19. Uyakuvela kuJakobe,achithe insali emzini.”

20. Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi:“U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe,kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”

21. Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi:“Inamandla indawo yakho yokuhlala;isidleke sakho simisiwe edwaleni.

22. Nokho uKayini uyakuchithwauze uthunjwe ngu-Ashuri.”

23. Wathatha isisho sakhe, wathi:“Maye, ngubani oyakuphila,lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?

24. Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi,imhluphe u-Ashuri,imhluphe u-Ebere,naye aye ekubhujisweni.”

25. UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.