Uhoseya 8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukuhlwanyela umoya nokuvuna isivunguvungu

1. “Beka icilongo emlonyeni wakho;onjengokhozi wehlela indlu kaJehova;ngokuba beqile isivumelwano sami,baphambuka emthethweni wami.

2. Bakhala kimi ngokuthi:‘Nkulunkulu wethu,thina Israyeli siyakwazi.’

3. U-Israyeli ukulahlile okuhle;isitha siyakumxosha.

4. Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi;bamisa izikhulu, ngingazi;isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo,ukuze banqunywe.

5. Ithole lakho, Samariya, linengekile;intukuthelo yami iyabavuthela;koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

6. Ngokuba livela ku-Israyeli;umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu;yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.

7. “Ngokuba bahlwanyele umoya,bayakuvuna isivunguvungu;izele alinahlumela, alivezi impuphu;uma liyiveza,iyakuqedwa ngabafokazi.

8. U-Israyeli uyagwinywa;manje sebephakathi kwabezizwenjengesitsha okungekho intokozo kuso.

9. Ngokuba benyukele e-Asiriyabezihambele njengezimbongolo zasendle;u-Efrayimi uyaqasha ngenkokhelo yothando.

10. Noma beqasha phakathi kwabezizwe,manje sengiyakubabutha,bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.

11. “Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona;ama-altare ayakuba ngukona kuye.

12. Noma ngimlobela imithetho yami kaningi,iyashaywa okungaziwayo.

13. Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba,bayidle inyama,kepha uJehova akayenameli.Useyakhumbula ububi babo,abahambele ngezono zabo,babuyele eGibithe.

14. Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe,wakha izindlu zamakhosi,noJuda wandisile imizi ebiyelweyo,ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe,uqede izindlu zayo zobukhosi.”