1. “Yizwani lokhu nina bapristi,nilalele nina ndlu ka-Israyeli,nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,ngokuba ukwahlulela kukinina,lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.
2. Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo,kepha ngingumlayi wabo bonke.
3. Ngiyamazi mina u-Efrayimi,u-Israyeli akafihlekile kimi,ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,u-Israyeli uzingcolisile.
4. “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu,ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,noJehova abamazi.
5. Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.
6. Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zaboukuyofuna uJehova;kepha abayikumfumana;umonyukile kubo.
7. Bamkhohlisile uJehova,ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.
8. “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;hlabani umkhosi eBeti Aveni:basemva kwakho, Benjamini!
9. U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.
10. Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.
11. U-Efrayimi ucindezelekile,uchotshoziwe ekwahlulelweni,ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.
12. Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi,nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.
13. “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhenoJuda isilonda sakhe,u-Efrayimi waya e-Asiriya,wathumela enkosini uJarebi;kepha ingeniphulukise,ayinakusipholisa isilonda senu.
14. Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi,nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda;mina yebo, mina ngiyakudwengula,besengimuka;ngiyakususa, kungekho owophulayo.
15. Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,baze bazithwese icala labo,bafune ubuso bami;osizini lwabo bayakungifunisisa.”