1. “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda,ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
2. Lapho bebabiza,kwaba yilokhu besuka kubo;babahlabela oBali,bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3. Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi;ngabaphatha ngezingalo zami,kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4. Ngabadonsa ngezintambo zomuntu,ngamagoda othando;ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo,ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5. “Abayikubuyela ezweni laseGibithe,owase-Asiriya abe yinkosi yabo,ngokuba benqaba ukubuya, na?
6. Inkemba iyakutheleka emizini yabo,iqede imigoqo yayo,ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7. Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi;noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani,akakho oziphakamisayo.
8. “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi,ngikukhaphele, Israyeli, na?Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima,ngikubeke ufane neSeboyimi, na?Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami,sonke isihawu sami sivusiwe.
9. Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami,ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi,ngokuba nginguNkulunkulu,angisiye umuntu;ngingoNgcwele phakathi kwenu,angiyikufika ngolaka.
10. Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama,ngokuba uyakubhonga,abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.
11. Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni,nanjengejuba ezweni lase-Asiriya,ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.
12. U-Efrayimi ungizungezile ngamanga,nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso;uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.