1. Lapho u-Efrayimi ekhuluma,kwavela ukuthuthumela;wayephakeme kwa-Israyeli,kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
2. Manje benezela ekoneni,bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labonezithombe ngokuqonda kwabo,zonke ziyimisebenzi yezinyanga;bakhuluma ngabo, bathi:“Bahlaba abantu,kepha banga amathole.”
3. Ngalokho bayakuba njengamafu okusa,nanjengamazolo amuka ekuseni,nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeninomusi ophuma ngefasitele.
4. “Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakhokwasezweni laseGibithe;ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,nomsindisi akakho ngaphandle kwami.
5. Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.
6. Basutha njengamadlelo abo;basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;ngalokho bangikhohliwe.
7. Ngase ngiba njengengonyama kubo,ngiqamekela endleleni njengengwe.
8. Ngitheleka phezu kwabo njengebhere*elaphuciwe amawundlu alo,ngidwengula ubhedu lwenhliziyo,ngibadle njengengonyamakazi,isilwane sasendle sibaqaqe.
9. “Ngukuchithwa kwakho, Israyeli,ngokuba uphambene nami,usizo lwakho.
10. Iphi inkosi yakho manjeukuba ikusindise emizini yakho yonke;nabahluleli bakho, wena owathi:‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?
11. Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami,ngayisusa ngolaka lwami.
12. Ububi buka-Efrayimi buboshiwe,isono sakhe sibekelelwe.
13. Imihelo yobelethayo iyakumehlela;uyindodana engahlakaniphile,ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.
14. “Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo,ngibahlawulele ekufeni;ziphi izifo zakho, kufa,kuphi ukuchitha kwakho,ndawo yabafileyo, na?Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.
15. “Noma enezithelo phakathi kwabafowabo,kuyakufika umoya wasempumalanga,umoya kaJehova ovela ehlane;besewujabha umthombo,isiphethu sishe;uyakuphanga ingcebo yakhe,zonke izinto ezinxanelekayo.
16. ISamariya liyakuthwala icala lalo,ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo;bayakuwa ngenkemba,izingane zabo zichotshozwe,abakhulelweyo babo baqaqwe.”