1. Zinhle kangakanani izinyawo zakhoezicathulweni zazo,wena ndodakazi yesikhulu!Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso,umsebenzi wezandla zengcweti.
2. Inkaba yakho ingumkhele oncweliweyo,ongasweli iwayini elixutshanisiweyo;isisu sakho siyinqwaba kakolweni,ibiyelwe ngeminduze.
3. Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbiliezingamawele ensephe.
4. Intamo yakho injengoMbhoshongo woPhondo lweNdlovu;amehlo akho angamachibi aseHeshiboningasesangweni laseBati Rabimi;impumulo yakho injengombhoshongo waseLebanoniobhekene neDamaseku.
5. Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli,nomyeko wekhanda lakho unjengokububende;kuboshiwe inkosi ngesiyendane.
6. Umuhle, umnandi kangakananiwena othandwa ngenjabulo!
7. Isimo sakho siyisundu,namabele akho omabili anjengamahlukuzo.
8. Ngathi: “Ngiyakukhwela esundwini,ngibambe amagatsha alo.”Amabele akho mawabe ngamahlukuzo omvini,nephunga lokuphefumula kwakho njengama-apula,*
9. nomlomo wakho njengewayinielihle elihamba lehle kamnandi,lewuka ngezindebe nangamazinyo.
10. Mina ngingowothandiweyo wami,uyanginxanela.
11. Woza wena othandiweyo wami,siye endle,silale emizaneni.
12. Masivuke ekuseni, siye ezivinini,sibone uma umvini uqhakazile,nezimbali zawo uma zivulekile,namapomegranati* uma ekhahlele.Lapho ngiyakukunika uthando lwami.
13. Amamandragora* athaphuka iphunga,nangaseminyango yethukukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo,ezintsha nezindala,engizibekele wena othandiweyo wami.