Isihlabelelo Sezihlabelelo 1 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umakoti ulangazelela umyeni

1. Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.

Umakoti:

2. Makangange ngokwanga komlomo wakhe!Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

3. Amafutha akho anephunga elimnandi;igama lakho linjengamafutha athululiweyo;ngalokho izintombi ziyakuthanda.

4. Ngidonse emva kwakho, sigijime;inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.Siyakujabula, sithokoze ngawe,sikhulume ngothando lwakho kunewayini.Kufanele ukuba bakuthande.

Abangane:

5. Ngimnyama, kepha ngimuhle,madodakazi aseJerusalema,njengamatende akwaKedari,njengezilenge zikaSolomoni.

6. Ningangibuki ukuthi ngimnyamana,ngokuba ilanga lingifusile.Amadodana kamame angifutha,angenza umlindizivini,kepha isivini esingesami angisilindanga.

7. Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wamiukuthi waluselaphi,uphumuzaphi umhlambi emini,ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyongasemihlambini yabangane bakho na?

Abangane:

8. Uma ungakwaziwena muhlekazi phakathi kwabesifazane,phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi,waluse amazinyane akhongasematendeni abelusi.

Ukuphendulana komyeni nomakotiUmnyeni:

9. Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro,sithandwa sami.

10. Izihlathi zakho zinhlekangakanani zinezintambo zobuhlalu,nentamo yakho ineminaka.

11. Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide,namaqhosha esiliva.

Umakoti:

12. Inkosi isahlezi ngasetafuleni layoinadi* lami lathaphuka iphunga lalo.

13. Othandiweyo wami ungumshuquluwemure* kimi,olele phakathi kwamabele ami.

14. Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena*ezivinini zase-Eni Gedi.

Umnyeni:

15. Bheka, umuhle, sithandwa sami!Bheka, umuhle!Unamehlo amajuba.

Umakoti:

16. Bheka, umuhle, othandiweyo wami!Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.

Umnyeni:

17. Imishayo yendlu yethu iyimisedari,*nemiqhadi iyimisayipuresi.*