1. Ngiyintebe yaseSharoni,nomnduze wezigodi.
2. Njengomnduze phakathi kwameva,sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.
3. Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini,unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana.Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu,nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
4. Ungingenisile endlini yewayini,nebhandela* lakhe phezu kwami liluthando.
5. Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo,ngihlumelele ngama-apula,*ngokuba ngiyafa uthando.
6. Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami,nesokunene siyangigona.
7. Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendleukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.
8. Nanto izwi lothandiweyo wami!Bheka, uyeza eqa ezintabeni,etshekula emagqumeni.
9. Othandiweyo wami unjengensephenoma njengesixhumu sendluzele;bheka, umi emva kodonga lwakwethu;uyalunguza emafasiteleni,ubonakala ngaseheleni.
10. Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:“Vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe,
11. ngokuba bheka, ubusika budlulile;imvula isiphelile, yamuka;
12. izimbali ziyabonakala emhlabeni,nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
13. Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,imivini inezimbali,ithaphuka iphunga layo;vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe.”
14. Juba lami elisemifantwini yamadwalanasekusithekeni kweziwa,mangibone ubuso bakho,ngizwe izwi lakho,ngokuba izwi lakho limnandi,nobuso bakho buhle.
15. Sibambeleni izimpungushe,izimpungushe ezincaneezichitha izivini,ngokuba izivini zethu zinezimbali.
16. Othandiweyo wami ungowami,mina ngingowakhe;uyalusa phakathi kweminduze.
17. Kuze kuphole ilanga,namathunzi abaleke,mawube njengensephe,wena othandiweyo wami,nanjengesixhumu sendluzeleezintabeni eziqhekezekileyo.