1. Othandiweyo wakho uyephi,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;ushonephi othandiweyo wakhoukuba simfune kanye nawe na?
2. Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,ezindimeni zamakha,ukuba aluse ensimini,akhe iminduze.
3. Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.
4. Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5. Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6. Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7. Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.
8. Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.
9. Kepha ijuba lami,opheleleyo wami munye nje;ungoyedwa kunina,ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.Amantombazana ayambona,athi ubusisiwe;amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
10. Ngubani lo olunguza njengokusa,emuhle njengenyanga,ecwebile njengelanga,kepha esabeka njengezimpi, na?
11. Ngehlela ensimini yamantongomaneukuyobona uhlaza lwesigodi,nokubona uma imivini iqhakazile,namapomegranati* uma ekhahlele.
12. Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibekaenqoleni yabantu benkosana yami.
13. Phenduka, phenduka, mShulamiti!Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!Nibonani kumShulamiti?Kunjengokusina kwaseMahanayimi.