2 Usamuweli 19:37-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Mayibuyele emuva inceku yakho ukuba ngifele emzini wami ngasethuneni likababa nelikamame. Kepha bheka, inceku yakho uKimihamu mayiwele nenkosi yami, inkosi, wenze kuyo okuhle emehlweni akho.”

38. Inkosi yathi: “UKimihamu angawela nami, mina ngenze kuye okuhle emehlweni akho; konke okufunayo kimi ngiyakukwenzela khona.”

39. Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.

40. Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nenxenye yabantu bakwa-Israyeli.

41. Bheka, base befika bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi enkosini: “Abafowethu amadoda akwaJuda bakwebeleni, bawelisa inkosi nabendlu yayo iJordani kanye nabo bonke abantu bakwaDavide benaye, na?”

42. Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa-Israyeli, bathi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu impela; kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sike sadla ntoni engeyenkosi na? Isixoshisile ngamaxosho na?”

43. Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: “Sinezinxenye eziyishumi kunani enkosini, yebo, nakuDavide; nisideleleni na? Izwi lethu lokubuyisa inkosi lalingesilo elokuqala na?” Kepha amazwi abantu bakwaJuda ayelukhuni kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.

2 Usamuweli 19