Mayibuyele emuva inceku yakho ukuba ngifele emzini wami ngasethuneni likababa nelikamame. Kepha bheka, inceku yakho uKimihamu mayiwele nenkosi yami, inkosi, wenze kuyo okuhle emehlweni akho.”