Uzakariya 9:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami,ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;akusayikudlula mcindezeli kubo,ngokuba sengibonile ngawami amehlo.

9. Thokoza kakhulu,ndodakazi yaseSiyoni;jabula nokujabula,ndodakazi yaseJerusalema;bheka, iNkosi yakho iza kuwe,ilungile, inensindiso,ithobekile, ikhwele imbongolo,ithole, inkonyane yembongolokazi.

10. Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema,nomnsalo wokulwa uyakunqunywa;iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe,nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle,kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.

11. Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.

12. Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba;namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.

13. Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo,ngibeka u-Efrayimi kuwo,ngivusela amadodana akho, Siyoni,kumadodana akho, Javani,ngikwenze inkemba yeqhawe.

Uzakariya 9