Uzakariya 9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukuchithwa kwezitha zakwa-Israyeli

1. Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,

2. kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.

3. ITire lazakhela inqaba,lanqwabela isiliva njengothuli,negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.

4. Bheka, iNkosi iyakulaphuca,iphonse imfuyo yalo elwandle,lona lidliwe ngumlilo.

5. I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe,neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu,kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;inkosi iyakubhubha eGaza,ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.

6. E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.

7. Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo,nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu,babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.

8. Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami,ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;akusayikudlula mcindezeli kubo,ngokuba sengibonile ngawami amehlo.

INkosi yaseSiyoni

9. Thokoza kakhulu,ndodakazi yaseSiyoni;jabula nokujabula,ndodakazi yaseJerusalema;bheka, iNkosi yakho iza kuwe,ilungile, inensindiso,ithobekile, ikhwele imbongolo,ithole, inkonyane yembongolokazi.

10. Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema,nomnsalo wokulwa uyakunqunywa;iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe,nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle,kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.

11. Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.

12. Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba;namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.

13. Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo,ngibeka u-Efrayimi kuwo,ngivusela amadodana akho, Siyoni,kumadodana akho, Javani,ngikwenze inkemba yeqhawe.

14. UJehova abesebonakala phezu kwabo,umcibisholo wakhe uphume njengonyazi;iNkosi uJehova iyakubetha icilongo,ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.

15. UJehova Sebawoti uyakubavikela,badle, banyathele phansi amatshe endwayimana;bayakuphuza igazi labo njengewayini,bagcwale njengemikhele,njengamagumbi e-altare.

16. UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo sukunjengomhlambi wabantu bakhe,ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.

17. Yeka ubuhle balo!Yeka ukubukeka kwalo!Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo,newayini elisha izintombi zalo.