Unehemiya 8:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.

4. U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.

5. U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.

6. U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: “Amen, Amen,” bephakamisa izandla zabo; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.

7. NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo.

8. Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.

9. UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho.

10. Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”

11. AmaLevi ayesethulisa abantu bonke, ethi: “Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki.”

12. Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.

13. Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke, nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho.

14. Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa-Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa,

Unehemiya 8