Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.