14. Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”
15. Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale.
16. Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.
17. UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.
18. U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.
19. ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.
20. U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo.
21. Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo.
22. USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama.
23. ULameka wathi kubo abafazi bakhe:“Ada noSila, yizwani izwi lami;nina bafazi bakaLameka,lalelani ukusho kwami:Bhekani, ngibulala umuntungenxeba engilitholayo,nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.
24. Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa,kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa,aphindwe kasikhombisa.”
25. U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.”
26. Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.