1. INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.
2. Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”
3. UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.
4. Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.
5. Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”
6. UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.
7. Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.
8. UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?”Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.”Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.
9. “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa,nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa,ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”
10. U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.
11. Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi:“UJerobowamu uyakufa ngenkemba,u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.”
12. U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;
13. ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.”
14. Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.
15. Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’
16. Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi:“ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli,ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’
17. “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Umkakho uyakufeba emzini,namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba,nezwe liyakudatshulwa ngentambo;wena uyakufela ezweni elingcolileyo,u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”