1. Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2. “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”
3. Kuhamba ababili kanyekanye,uma bengavumelananga, na?
4. Ingonyama iyabhodla ehlathini,ingenampango, na?Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,uma lingabambanga lutho, na?
5. Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,ingenasihibe, na?Ugibe luyaxhuma emhlabathini,lungabambanga nokubamba, na?
6. Kungabethwa icilongo emzini,bangesabi abantu, na?Umuzi ungehlelwa ngokubi,engakwenzamga uJehova, na?
7. Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8. Ingonyama ibhongile,ngubani ongayikwesaba na?INkosi uJehova ikhulumile,ngubani ongayikuprofetha na?
9. Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,nokucindezelwa okukulo.”
10. “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”
11. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Isitha siyakulihaqa izwe,sehlise kini izinqaba zenu,ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”
12. Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyamaimilenze emibili noma inxenye yendlebe,kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,abahlala eSamariya ezingosini zezihlalonaphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”
13. “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.
14. “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyelingeziphambeko zakhe,ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,kunqunywe izimpondo ze-altare,ziwe phansi.
15. Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,kuphele izindlu zophondo lwendlovu,yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.