U-Amose 2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomiaba ngumcako.

2. Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,uMowabi afe ngokuxokozela,nangokumemeza,nangokukhala kwecilongo.

3. Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,abagcinanga izimiso zakhe,namanga abo abadukisile,abawalandelayo nawoyise.

5. Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7. Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,bachezukisa indlela yabathobileyo;indoda noyise baya entombininye,ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8. bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambisoeceleni kwawo onke ama-altare,baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9. “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*ayenamandla njengama-oki;*kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulunezimpande zawo phansi.

10. “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlaneukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11. Ngavusa kumadodana enu abaprofethinasezinsizweni zenu amaNaziri.*Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12. “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13. “Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenunjengengqukumbane icindezela,igcwele izithungu.

14. Onejubane uyakuswela ukubaleka;onamandla akayikuqinisa amandla akhe,neqhawe aliyikuzikhulula.

15. Obambe umnsalo akayikuma;onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16. onesibindi phakathi kwamaqhaweuyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.