4. Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova,ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.
5. Jehova Nkulunkulu wami,ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,nezizindlo zakho ngathi;akukho okungafaniswa nawe;uma ngiyilanda, ngiyisho,miningi kunokuba ibalwe.
6. Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi;izindlebe zami uzibhobozile;umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
7. Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:
8. Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
9. Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;bheka, angizivalanga izindebe zami;Jehova, wena uyakwazi.
10. Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.
11. Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
12. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,iziphambeko zami zingificile,angaze ngaba nakubona;ziningi kunezinwele zekhanda lami;inhliziyo yami ingishiyile.
13. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;Jehova, mawuphuthume ungisize.