Amahubo 138:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke;phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.

2. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele,ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho,ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

3. Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula;wangiqunga isibindi,wangipha amandla emphefumulweni wami.

Amahubo 138