2 Usamuweli 16:5-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.

6. Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenkosi uDavide, bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo.

7. UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe, wathi: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi!

8. UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”

9. U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”

10. Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”

11. UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.

12. Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”

13. UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye, wahamba ethuka, wamphonsa ngamatshe, wamthela ngothuli.

14. Inkosi nabo bonke abantu ababenayo bafika beyethile; wahlunyelelwa khona.

15. U-Abisalomu nabantu bonke, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli enabo.

16. Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku-Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.”

17. U-Abisalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukuthembeka kwakho kumngane wakho na? Awuhambanga ngani nomngane wakho na?”

18. Wayesethi uHushayi ku-Abisalomu: “Qha, lo okhethwe nguJehova, nayilaba bantu, nangabantu bonke bakwa-Israyeli, ngiyakuba ngowakhe, ngihlale naye.

19. Futhi ngikhonze bani na? Kungabi phambi kwendodana yakhe na? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo, kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.”

20. Wayesethi u-Abisalomu ku-Ahithofeli: “Sipheni isiluleko sokuthi siyakwenze njani.”

2 Usamuweli 16