Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.