4. Yayisithi-ke inkosi kuSiba: “Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti.”Wathi uSiba: “Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”
5. Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.
6. Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenkosi uDavide, bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo.
7. UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe, wathi: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi!
8. UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”
9. U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”
10. Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”
11. UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.