2 Izikronike 33:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli.

19. Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.

20. UManase wayeselala koyise; bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

21. U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema.

22. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise; u-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase uyise, wazikhonza.

23. Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise kepha yena lowo Amoni wenza amacala akhe aba maningi.

24. Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.

25. Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.

2 Izikronike 33