Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli.