UHezekiya wayeselala koyise; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.