19. Bakhuluma ngoNkulunkulu waseJerusalema njengangawonkulunkulu babantu bomhlaba abangumsebenzi wezandla zabantu.
20. UHezekiya inkosi no-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini.
21. UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.
22. UJehova wasindisa-ke uHezekiya nabakhileyo eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.
23. Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waze waphakanyiswa emehlweni abo bonke abezizwe ngasemuva.
24. Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.
25. Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.
26. Kepha lapho uHezekiya esezithoba ekukhukhumaleni kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, ulaka lukaJehova alubehlelanga emihleni kaHezekiya.
27. UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu, wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu, nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,
28. nezinqolobane zezithelo zamabele nezewayini nezamafutha, nezibaya zezinhlobo zonke zezilwane, nezindawo zezimvu.
29. Wazenzela nemizi, nemfuyo yezimvu, nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.
30. Yena lowo Hezekiya wavimbezela umthombo wasenhla wamanzi aseGihoni, wawaqondisa ngasentshonalanga komuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela emisebenzini yakhe yonke.
31. Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.
32. Ezinye izindaba zikaHezekiya nezenzo zakhe ezinhle, bheka, zilotshiwe embonweni ka-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
33. UHezekiya wayeselala koyise; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.