2 Izikronike 29:23-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Base besondeza izimpongo ngenxa yomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla; babeka izandla zabo phezu kwazo;

24. abapristi bazihlaba, benza umnikelo wesono ngegazi lazo e-altare ukuba benzele u-Israyeli wonke ukubuyisana, ngokuba inkosi yayaleza ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.

25. Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.

26. AmaLevi ayesema ephethe izinto zokubethwa zikaDavide, ekanye nabapristi bephethe amacilongo.

27. UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala komnikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova, namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.

28. Lonke ibandla lakhuleka, abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo babetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.

29. Sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka.

30. UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.

31. Wayesethatha uHezekiya, wathi: “Senizahlukanisele uJehova; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova.” Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga, nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.

2 Izikronike 29