2 Izikronike 22:2-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.

3. Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.

4. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe.

2 Izikronike 22