2 Izikronike 22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

U-Ahaziya uyinkosi kwaJuda

1. Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu* nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

2. U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.

3. Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.

4. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe.

5. Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.

6. Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

7. Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.

8. Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; wababulala.

9. Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.

U-Athaliya ungumbusi

10. Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.

11. Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi -- ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya -- wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.

12. Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.