1. Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu* nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.
2. U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.
3. Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.
4. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe.
5. Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
6. Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.
7. Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.
8. Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; wababulala.