2 Amakhosi 4:36-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Wayesembiza uGehazi, wathi: “Mbize lowo mShunemikazi.” Wambiza. Esengene kuye, wathi: “Thatha indodana yakho.”

37. Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.

38. U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.”

39. Kwaphuma omunye, waya endle ukukha imifino, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane; yagcwala ingubo yakhe; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.

40. Base bethululela abantu ukuba badle. Kwathi besadla lokho kudla, bakhala bathi: “We muntu kaNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini.” Babengasenakudla.

41. Kepha wathi: “Lethani impuphu.” Wayiphonsa ekhanzini, wathi: “Thululela abantu ukuba badle.” Kwakungasekho okubi ekhanzini.

42. Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”

43. Kepha isikhonzi sakhe sathi: “Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na?”Wathi: “Banike ukuba badle, ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bayakudla, kusale.’ ”

44. Sase sikubeka phambi kwabo; badla, kwasala njengezwi likaJehova.

2 Amakhosi 4