Kwaphuma omunye, waya endle ukukha imifino, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane; yagcwala ingubo yakhe; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.