2 Amakhosi 4:33-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova.

34. Wakhuphuka, walala phezu komntwana, wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe, nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe; lapho esekhothama phezu kwakhe, inyama yomntwana yafudumala.

35. Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe; umntwana wathimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.

36. Wayesembiza uGehazi, wathi: “Mbize lowo mShunemikazi.” Wambiza. Esengene kuye, wathi: “Thatha indodana yakho.”

37. Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.

38. U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.”

39. Kwaphuma omunye, waya endle ukukha imifino, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane; yagcwala ingubo yakhe; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.

40. Base bethululela abantu ukuba badle. Kwathi besadla lokho kudla, bakhala bathi: “We muntu kaNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini.” Babengasenakudla.

41. Kepha wathi: “Lethani impuphu.” Wayiphonsa ekhanzini, wathi: “Thululela abantu ukuba badle.” Kwakungasekho okubi ekhanzini.

42. Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”

43. Kepha isikhonzi sakhe sathi: “Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na?”Wathi: “Banike ukuba badle, ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bayakudla, kusale.’ ”

44. Sase sikubeka phambi kwabo; badla, kwasala njengezwi likaJehova.

2 Amakhosi 4