2 Amakhosi 14:8-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Khona u-Amasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”

9. UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.

10. Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”

11. Kepha u-Amasiya akalalelanga. Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.

12. UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

13. UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi, ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi, wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.

14. Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

15. Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

16. UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

17. U-Amasiya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.

18. Ezinye izindaba zika-Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

19. Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.

20. Bamthwala ngamahhashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.

21. Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.

22. Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.

23. Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.

24. Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.

2 Amakhosi 14