Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?