14. Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
15. Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
16. UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
17. U-Amasiya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
18. Ezinye izindaba zika-Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
19. Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
20. Bamthwala ngamahhashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.
21. Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.
22. Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
23. Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.