2 Amakhosi 12:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba yinkosi, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

2. UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.

3. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

4. UJehowashi wathi kubapristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,

5. makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.”

6. Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.

7. Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi, yathi kubo: “Anilungisi ngani izimfa zendlu na? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.”

8. Abapristi bavuma ukuba bangabe besamukela imali kubantu, futhi bangazilungisi izimfa zendlu.

9. UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwe-altare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.

10. Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni, umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka, bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova.

11. Banika imali elinganisiweyo ezandleni zabasebenzayo, bengababonisi bendlu kaJehova, bakhokhela ababazi nabakhi ababesebenza endlini kaJehova,

12. nabakha ngamatshe, nababaza amatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova, yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.

13. Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva, nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide, nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,

14. ngokuba bayinika abasebenzayo, balungisa ngayo indlu kaJehova.

15. Ababalelananga nabantu imali abayibeka ezandleni zabo ukunika abasebenzayo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.

2 Amakhosi 12